Ngiyintombazane esencane nje ngoba nginemyaka ewu 22 ngihlala la emtuba ekhaya singumndeni omkhulu nje ngoba kuba umama no baba nezingane zakithi bese kuba umalume. Umalume wahlukana nonkosikazi wakhe wakhetha ukushiya umuzi wakhe wazo hlala ekhaya, so unendlu yakhe ewu 2 room bese kuba nendlu enkulu ewu 6 room. Nginekamelo lami kodwa ubaba wangakhela iroom yam ngoba ethi sengikhulile and ngiziphethe kahle. Ngifunda nge posi kodwa ngisekhaya. Umama uhlela ekhaya, ubaba udriver amabhasi akwa Putco egoli. Kwenzeka ngelinye langa umalume angabuyi kuze kushaye o 21H00 simfonele athi usendleleni uyeza lomuntu akasebenzi uphuza kakhulu angazi noma stress yin, umama akhale ngobuthongo ahambe ayolala nezingane zakithi ziphume ziye emakamelen azo ngisale ngedwa ekhishini kodwa ngiphume ngiye endlini yam. Ngilala langithanda khona futhi abazali bam bangithanda kufa and yim owokuqala. Ngiphume ngitshele bhuti wam omncane uzokhiya umnyango ngiphume ngiye endlin yam. Seku late, izikhathi zabo 23H00, ngizibukele tv zwiiii ubuthongo angikhiyile myango tv yadlala ngizwe engathi kunomuntu ola ndlini ngizwa engathi ngiyaphupha. Ngizwe kunuka enye into nje enuka kabi ngathi cd eshile lento ngiyizwela ebuthongwen ngithi ngivusa khanda ngibona ngathi umnyango vuliwe hayiibo ngithi ngiyavuka lutho. Umzimba awuvumi, ngibone umalume engena ndlini ngiyambona nje kahle uza embhedeni angazi nom ufuna ukubona ukuthi ngiyambona, noma wenzani angazi. Eze adlalise sandla sakhe phambi kwami ngithi malume ungene kanjani, avele aphume ngibe dizy ngithi ngiyokhiya akuvum akusukeki embheden zwiiii futhi ubuthongo.
Please log in to add a comment.